Ukuphupha Ugqoke Izingubo Ezimnyama

7:08:00 PM

Ukuphupha Ugqoke Izingubo Ezimnyama Kuchazani

Sonke siyazi ukuthi KwaZulu uma ngabe kuziliwe kugqokwa izingubo ezinombala omnyama. Ikhona neminye imibala esetshenziswayo kodwa omnyama yiwona owande kakhulu. Kuye ke kube yinto ethusayo ukuwubona lombala uwugqokile noma ugqokwe wumuntu ephusheni.

Ukuphupha Uqgoke Izingubo Ezimnyama Wena

Inkolelo yabantu abamnyama seyandise ukuthi umbala omnyama awubiki okuhle. Yikho nje kuvame ngiso ukuthi izilwane ezisetshenziswayo uma kwelashwa okubi ziba mnyama. Izingubo ezimnyama nazo sezabukwa njengento embi.

Ukuphupha ugqoke izingubo ezimnyama kuchaza ukuthi kukhona okungahambi kahle esimeni sakho wena mathupha. Akusho ukuthi usuke uzofa kodwa kusuke kuyisimo sakho ngalesosikhathi esisuke singalungile.

Ukuphupha Umuntu Egqoke Izingubo Ezimnyama

Uma ngabe uphupha omunye umuntu egqoke izingubo ezimnyama kusho ukuthi lowo muntu unesimo esingesihle kahle. Okuyaye kuthuse noma kufanele ukusukumele ukuthi kube wumuntu womndeni lo okulesisimo.

Uma kuwumuntu womndeni kuyenzeka lokhu kubike isifo emndenini yingakho nje uqwashiswa wena. Kuyehluka ke ngoba kwesinye isikhathi lo omphuphayo kuyaba futhi wumuntu ongayena owakwenu. Lokhu akujwayelekile kodwa nakho kuyenzeka.