Ukuphupha Ugwazwa Inkomo

7:23:00 PM

Ukuphupha Ugwazwa Inkomo Kusho Ukuthini

Inkomo thina bantu abangamaZulu siyibuka njengesilwane sasekhaya ngona yenza imisebenzi eminingi. Yonke imisebenzi yayo iqondene nokuphakamisa ikhaya. Kusukela emasini kuya ekulimeni amasimu noma nje izinto sezashintsha.

Ngaphambilini inkomo yayisipha ngisho okokufihla umzimba ngesikhumba sayo. Kodwa okusemqoka nje kakhulu wukuthi ispha ukudla okuphilisa imindeni efuyileyo. Okokulobola ke nje khona ngeke sikubale nokukubala ngoba kusobala 

Ukuphupha Ugwazwa Inkomo Kuchaza Ukuthini?

Kulokhu esesikuchaze ngenhla uyabona ukuthi lesisilwane kuthiwa esasekhaya ngoba kwenzenjani. Manje ke uma wena usuphupha ugwazwa yinkom kusho ukuthi kunesimo nje esingaqondile kahle. Uyabona futhi la ukuthi lesisimo asikude kakhulu nedlozi ngoba phela angabantu abalala bekwazi konke okuwumsebenzi wayo.

Esingakusho nje la wukuthi phela nesimo oyiphupha kuso inkomo siyehluka. Uma igcine ikugwazile ngempela uphupha kufanele ukuthi ulusukumele lolodaba.

Ukuphupha inkomo ebomvu igijima iza kuwe khona kubika ulaka olukwabadala. Noma ivela imnyama nakho kuchaza okungakuhle uma ivela ikujaha noma ikugwaza.

Ukuphupha Ugqoke Izingubo Ezomnyama